Uncategorised

UKHUZA IBUYA KWEZOKUSAKAZA US’BU BUTHELEZI

UZOQALA ukuzwakala emoyeni mhla lulunye kuNcwaba uSbu Buthelezi. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UKHUZA ibuya owayengumsakazi, emsakazweni omkhulu Ukhozi FM, uS’bu Buthelezi njengoba evule umsakazo wakhe obizwa ngeCrown Radio Pro, ozotholakala kwi-internet.

USbu uthe kulo msakazo kuzoba nezinhlelo ezizolalelwa mahhala, kuthi ezinye zitholakala ngaphansi kohlelo olukhokhelwayo olubizwa ngePro Plus. “Phakathi kwezinhlelo ezizoba khona kulo msakazo kubalwa ezokholo, ezikamaskandi nezomjuxuzo. Inhloso yalomsakazo ukuhlinzeka abalaleli bawo ngezinhlelo ezehlukene ezizohambisana nezidingo zabo. Abantu abafisa ukuba nezinhlelo zabo kulo msakazo ngicela baxhumane nami,” kusho uButhelezi.

Uqhube wathi lo msakazo uzogxila ekugqamiseni nasekusakazeni izinhlelo ezisiza umphakathi. Lo msakazo kulindeleke ukuthi uqale ukusakaza mhla lulunye kuNcwaba kulonyaka.