
UMALUSI MBOKAZI UZOGUBHA IMINYAKA EYI-10 EZIMELE

UMALUSI Mbokazi ongumculi wokholo ozoba nendumezulu yomcimbi. ISITHOMBE: MALUSI MBOKAZI
AKHONA DLAMINI
UMCULI woKholo uMalusi Mbokazi uzogubha iminyaka eyishumi engumculi ozimele, ngokwenza umcimbi omkhulu ozoqoshwa bukhoma, obizwa ngokuthi i-The Revival With Malusi Mbokazi, ozoba seDurban International Convention Centre Arena mhla zi-5 kuMandulo 2026 ngehora lesi-18:00.
UMbokazi, uqale uhambo lwakhe lomculo ngonyaka ka-2001, eyilunga leqembu lomculo we-Akhaphela Abanqobi, uqale ukuzimela ngonyaka we-2015.
Uzakhele udumo ngezingoma zakhe ezimtoti okubalwa ethi ‘Ngisize Nkosi’ nezinye. Lo mcimbi ngeke ugcine ngokuba yikhonsathi yomculo kuphela, kodwa uzoba yisikhathi sokukhonza, ukudumisa, ukukhuleka nokuvuselelwa kwabantu.
UMbokazi uveze ukuthi ngo-2014 walahlekelwa yizwi, odokotela bemtshela ukuthi kungenzeka angaphinde acule, kodwa izwi lakhe labuya ngemuva kwamasonto ayisithupha.
“Kumanje ngizilile futhi ngiyathandaza njengoba ngilungiselela lo mcimbi. Kumina uyithuba lokuthi abantu bathole ukuphulukiswa, ithemba nenjabulo,” esho.
Uqhube wathi uzobe ephelezelwa abaculi okubalwa kubo uHlengiwe Mhlaba, uNtokozo Ngongoma, uBabo Ngcobo, uParadise Mdlalose, uSbu Noah, uKhaya Mthethwa noSneziey Msomi.
Amathikithi ayatholaka la eWebtickets nase Pick n Pay, aqala kuR200, kanti awe-VIP R500.
