
I-KZNDSAC LADIES SOCCER IBUYE NENDEBE KWEKAZWELONKE
AKHONA DLAMINI
ABAWUVALI umlomo ngengcwenga yebhola likanobhutshuzwayo edlalwe abesifazane boMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal (KZNDSAC).
UMhlengi Yengwa umqeqeshi weKZNDSAC Ladies Soccer, uncome indlela umdlalo wabo wamanqamu neGauteng Sport Arts and Culture ophele ngayo eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo. Lawa maqembu ahlangane emdlalweni wokugcina wemidlalo kaZwelonke yabasebenzi bakahulumeni beminyango nezifundazwe ezihlukene i-Public Servants Sports and Cultural Events Tournament.
“Ubunengcindezi kakhulu owamanqamu ngoba iwona lapho iGauteng ibinamandla kakhulu. Indlela abebesimaka ngayo ibinolaka. Ngenhlanhla ngoba sike sagodla abadlali bethu emidlalweni engaphambilini, ngakho sidlale abanye besebasha benamandla.Ngenhlanhla sishaye igoli kuqala,” kusho uYengwa.
Kudlalwa nje, ezaKwaZulu-Natal bezingaziwa njengoba beziqala ukudlala ezingeni likazwelonke. I-Gauteng yona ibithwelwe ngeqoma, izovikela isicoco sayo njengompetha beminyaka edlule. I-KZNDSAC igadle kuqala ngesiwombe sokuqala ngegoli likaNokwanda Sithole. Esiwombeni sesibili kubonakele ukuthi iGauteng ivukile emaqandeni izwa amandla amavukana.
“Siwasebenzisile amathuba ethu okuhlasela. Esiwombeni sesibili kuphinde kwaba umbango webhola lapho kugcine kulimala unozinti wethu uWinnie Msimang. Kuke kwasiphazamisa lokho, kwafuneka sicabange ngokushesha. Kungene uNokwanda Sithole ongumgadli ngokujwayelekile, waba unozinti,” kusho uYengwa.
UNelly Lembede ungene njengomgadli noNthabi Tshabalala kwesokunxele. Kufikwe kuma penathi umoya uphezulu. Abawashaye phakathi uLungelo “Gwajo” Nxele, uVereena George noNomfundo Ngobese. Umdlalo uphele ngo 5-3 kuwina iKZNDSAC.
“Bekuwumdlalo oshubile. Kumnandi khona ukuthi singene singaziwa, bengazi balindeleni, kepha sadlala ingcwenga yomdlalo ngendlela ebesizilungiselele ngayo. Ekugcineni umdlalo uvune thina ngoba bekuvele kuyisu lethu ukuthi sisebenzise indlela yokuhleleka kwabadlali ebheke lapho abadlali benamandla khona,” kuphetha uYengwa.
