UMEYER UTHI UQEDA EYOKUDAYISA IMISEBENZI YAKWA-EPWP NGOCANSI

UNGQONGQOSHE uMnuz Martin Meyer, ozifikele mathupha emahhovisi o-Umusa Media. ISITHOMBE: UMUSA MEDIA
NOMCEBO NGEMA
BAZOBHADLA ejele bonke abadayisa izikhundla zomsebenzi wakwa-EPWP ngocansi. UNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer usho lokhu izolo, ngesikhathi enengxoxo ekhethekile kwiThe Couch ebishayelwa u-Ayanda Phoswa izolo, emahhovisi o-UMusa Media.
Bathathe isinqumo sokuthi bonke abafuna umsebenzi wakwa-EPWP bafake izicelo zabo besenzisa i-internet (online), nokusebenzisana nalo mnyango kuzwelonke. “Lokhu sakwenza ngenhloso yokuqeda ukugwazela lo msebenzi ngemali, ukwenziswa ucansi ngaphambi kokuthola lo msebenzi nokuqeda ukuveza ikhadi lobulungu benhlangano yezepolitiki ukuze uthole lo msebenzi. Lokhu saphinde sakwenza ngenhloso yokushintsha izimpilo zabantu zingafani nayizolo, ngoba uma uqashiwe izinyanga ezimbalwa ngaphansi kwalolu hlelo awugcini ngokuhola kuphela, kodwa uthola nesitifiketi esiqinisekisa ukuthi unekhono, yingakho sisebenzisana nenhlangano engenzi nzuzo iHarambee,” kusho uNgqongqoshe uMeyer.
Uqhube wathi kuningi obekumapetupetu ngesikhathi engena kulo mnyango, okubalwa ukuqashwa kwabantu ngokwenzelela, ubulungu bezepolitiki, ukugwazisa. “Esakuzwa kwasishaqisa ukuthi abanye bebeqashwa ngocansi. Lokho sikuqeda nya, njengoba senze uhlelo lokufaka izicelo zomsebenzi nge-internet, ekutshelayo uma kukhona okweqile uma ugcwalisa. Kulula kakhulu futhi konga isikhathi ukugcwalisa lamafomu,” kusho uNgqongqoshe Meyer. Ugqugquzele abantu ukuthi babike uma bebona kungahanjiswa ngeqiniso, ukuze kuboshwe labo abathintekayo.
