LIHLEHLILE ELABASOLWA NGOKUBULALA U-DJ WARRAS

UVICTOR Majola ongumsolwa wesibili ongavelanga namuhla eNkantolo ePhakeme eGoli.

UDJ Warras owadutshulwa wabulawa eGoli ngonyaka odlule. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
LIHLEHLELE umhla ziyi-19 kuNcwaba kulonyaka, icala lokubulawa kukamethuli wezinhlelo kumabonakude obephinde abe ngumsakazi, uWarrick Stock obaziwa kakhulu ngelika-Dj Warras. Umsolwa wesibili kuleli cala uVictor Majola oneminyaka engama-44 ubudala, bekufanele avele namuhla eNkantolo ePhakeme eGoli, kodwa kwavela ukuthi uyehluleka ukukhokhela ummeli, futhi kunezingxoxo anazo nabo abameli.
Nangesonto eledlule kwakufanele bavele enkantolo, kodwa kwaba khona umsolwa wokuqala kuphela u-Armando Pacula, uVictor wangafika kwathiwa kwaba nenkinga yokuphambana kwezinsuku wangalethwa.UDj Warras wadutshulwa wabulawa abasolwa abathathu mhla ziyi-16 kuZibandlela ngonyaka odlule, ngaphandle kwezakhiwo zaseZambezi House, bude buduze neCarlton Centre eGoli eyohlola ibhilidi.
