IBE IMPUMELELO IMIDLALO EHLUKAHLUKENE YABANTU ABADALA ENKANDLA

IZALUKAZI zidlala ibhola lomnqakiswano.

IMEYA uCllr Nonhlanhla Nzuza ikhuluma nogogo nomkhulu ebebeyingxenye yezemidlalo.IZITHOMBE: INKANDLA MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IBE impumelelo imidlalo yezalukazi, nomkhulu eyaziwa ngama-Golden Games Local Selection, eba minyaka yonke eNkandla. Le midlalo sibonakala ikhula futhi ithuthuke kakhulu kulo nyaka, njengoba ikhule kakhulu isibalo sabantu abadala ebebeqala ukungenelela.
IMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, ukubeke kwacaca ukuthi lo masipala uyayeseka kakhulu le midlalo, ekhuthaza ukuzivocavoca kubantu esebekhulile, okwenza kunciphisa ukuhlaselwa yizifo kalula.“Mhla ziyi-19 kwephezulu izalukazi nomkhulu bazoya ukuyoqhudelana nabanye oMasipala, kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo. Abaphumelele bazodlulele esifundazweni. Kuyasijabulisa ukubona abantu esebekhulile futhi abahlala ekhaya labadala, beqhubeka nokuba yingxenye yezemidlalo,” kuphetha iMeya uNzuza
