KUBHUNGWE NGOLWABOKUFIKA KULELI NGOKUNGEMTHETHO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehola umhlangano wokucobelana ngamasu okuqeda abokufika kuleli ngokungemthetho. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
LUBEKWE ezithebeni udaba lobugebengu, nabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni
ngenhloso yokuphuma nesixazululo sokuthi bahanjiswe kanjani emakubo nokuqinisa ezokuphepha, ukuze bangazingeneli noma ikanjani kuleli, ngesikhathi kunengxoxo ebijulile e-Archie Gumede, eMayville namuhla.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi abokufika abangenawo amaphepha okubalwa kuleli, ebedale umonakalo omkhulu kumnotho nakumathuba omsebenzi esifundazweni nssekuncintisaneni nabakuleli ngosizo lwezempilo nasezikoleni imbala.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi ubize lo mhlangano obandakanya amaphoyisa, uMnyango wezeMfundo, uMnyango wezeMpilo, uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, abemingcele, iMarch And March, amalunga abhekelele ukuphepha komphakathi nabamabandla ahlukahlukene, ngenhloso yokuphuma nesixazululo kulolu daba oluyinzukazikeyi.
Uveze ukuthi udaba lwabokufika lucindezela kakhulu isifundazwe, njengoba imingcele isiphenduke eyabantu abaphula umthetho, kanti kuyicala ukungena kwelinye izwe ngaphandle kwemvumo. “Le nkinga isisabalale yaze yafika ezindaweni zasemakhaya, sekukhona asebesikelwe amanxiwa bakhiswa imizi, abanye baqashe emizini yabantu bakuleli baze baqasha nezitolo. Le nkinga akuyona ekahulumeni kuphela namaphoyisa kodwa inkinga yomphakathi wonke. kufanele sibambisane sonke ukwakha kabusha isifundazwe saKwaZulu-Natal. Njengohulumeni saqala umkhankaso obizwa eNgangeni Ngesango Iyafohla, lapho amaphoyisa neminyango ehlukahlukene kahulumeni begasela ezitolo bebamba bonke laba abangenawo amaphepha. Sekunezinkulungwane nezinkulungwane zabokufika eziboshiwe zabuyiselwa emumva, kodwa okubuhlungu ukuthi bathi beshiywa emazweni abo besale beqe bebuya,” kusho uNdunankulu.
