Izindaba

U-BEEZ NOHLELO LOKUFUKULA OSOMABHIZINISI ABASAFUFUSA ETHEKWINI

OWAMI THABETHE

UMSUNGULI wohlelo olusha lwezamabhizinisi olubizwa ngeLunch With Beez, uNdumiso Madonsela owaziwa ngelika Beez, wethule izinhlelo abazoba nazo zokuthuthukisa nokufukula osomabhizinisi emcimbini ozoba ngomhlaka 24 kuMfumfu eMarine Parade, eThekwini.
UBeez ukuveze lokhu ngesikhathi ezokwethula ngokusemthethweni, lo mcimbi kwabezindaba ngoLwesithathu, eShaka Marine, eThekwini.
Uthe inhloso yalo mcimbi omkhulu ozayo, ukulekelela osomabhizinisi abancane ngolwazi, ukubacobelela ngolwazi, ukubavezela amathuba amasha okukhulisa amabhizinisi abo, ukutshalwa kwezimali nokubambisana kwesikhathi eside namakhasimende.

” I-Lunch With Beez ayizokuba isidlo sasemini esiseqopheleni eliphezulu kodwa osomabhizinisi abancane bazothola ithuba eliyingqayizivele lokufunda, ukuxhumana nokuvula iminyango osomabhizinisi abancane. Likhuphukile izinga lalo mcimbi kulonyaka, njengoba iLunch With Beez izobe isebenzisane namabhange aziwayo okubalwa i-ABSA Bank, TYMEBANK noCapitec Bank. ‎” kusho Ndumiso
Uthe osomabhizinisi abayisihlanu bazothola ithuba eliyithamsanqa, lokutonyulwa yibhange lakwa-ABSA, bazothole uxhaso ngezimali nangezinsiza zamabhizinisi.

Uthe abafisa ukuthi babe yingxenye yalo mcimbi, bangathenga manje amathikithi abo eQuicket. ‎