Uncategorised

BEKUPHUME NESINEDOLO KWIKHONSATHI KA-TAMIA

UMCULI waphesheya uTamia obenekhonsathi eThekwini. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

WENZE adume ngazo umculi waphesheya we-R&B uTamia, obenekhonsathi ebibizwa ngeTamia’s live izolo, eHollywoodbets Kingsmead Stadium. Le khonsathi ibihlelelwe ukuba seDurban International Convention Centre (ICC), kodwa yagcina ishintsha ngenxa yokuthi i-ICC isingathe iNgqungquthela yama-46 yeSADC.

Ngokwesitatimende esikhishwe yi- ICC ukushintshwa kwendawo kwenzelwe ukuqinisekisa ukuthi le micimbi iqhubeke ngaphandle kokuphazamisana, namathikithi aqhubeke nokusebenza ngaphandle kwenkinga noma abantu sebefika endaweni entsha.

UTamia uthokozise abalandeli bakhe ngezingoma zakhe ezidumile ezifana no-Officially Missing You, So Into You no-Stranger in My House.