Uncategorised

KUGQABUKE IGODA KWI-CHIEFS NO-NABI

Sekuphelile okuhlanganisa u-Nabi neqembu le-Chiefs
ISITHOMBE : Goal.com

MALIBONGWE MAZIBUKO

KUPHELILE ukuqagela ngomqeqeshi we-Kaizer Chiefs uNasreddine Nabi, kulandela ukuthi iqembu seliqinisekisile ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti nalomqeqeshi.
UNabi ufike kuleli qembu ngoNtulikazi ngonyaka we-2023.
Ukuhamba kukaNabi kwi-Chiefs kushaqise abaningi ngoba bekulindeleke ukuthi uzoqhubeka neqembu kuze kuphele inkontileka yakhe, njengoba wakwazi ukuhlabana inkomishi ye-Nedbank Cup esehlule abaqeqeshi abayisikhombisa eminyakeni eyi-10.
Iqembu le-Chiefs selinike isihlalo esishisayo kubasizi baka-Nabi okungu Cedric Kaze noBen Khalil Youssef ukuthi beqeqeshe iqembu kuze kuphele isizini ka-2025/26.
IKaizer Chiefs izobuyela enkundleni mhlaka ziyi-18 kuMfumfu kumqhudelwano weCAF Confederations Cup