AMAVIYO ASHAYE INTO ECOKEME

IQEMBU Amaviyo kanye noNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.

IMALINI ebinandisa kulo mcimbi. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ezoBuciko, namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mtomuhle Khawula, uthe uyasithanda isitayela seqembu lomculo wombholoho Amaviyo, sokwenza umculo owehlukile. UNgqongqoshe uKhawula ukusho lokhu, ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu enezingoma eziyi-12, esihloko sithi ‘Zulu Omnyama’, eCourtyard Theatre, eDUT.
“Ngifisa iNingizimu Afrika iweseke umculo waleli qembu ngoba uyinto ehlukile. Abashadayo nabahleli bemicimbi abaziqashe lezingane. Asingaseki lezi ezinye izinhlobo zemiculo sishiye lo osungulwe kuleli,” kusho uNgqongqoshe uKhawula. Uphinde wancoma iqembu lomculo we-AfroSoul iMalini, ngokunandisa kulo mcimbi nokuba khona kulo mkhakha isikhathi esingama-22.
“Leli qembu lasungulwa ngonyaka ka-2004 kodwa nali lisamile namanje. Ngikhumbula ngilimema kwenye iRally eyayiseNseleni ngonyaka ka -2006, ngoba ngangizifela ngengoma yabo ethi Jikelele. Ngifisa engathi namanye amaqembu asakhula angabukela kuyona Imalini,” kuphetha uNgqongqoshe uKhawula.Ube esenxusa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal baseka amaqembu ebhola aseKZN, baqhakambise nomculo wesintu.
