Uncategorised

KUPHUME IMIPHEFUMULO UMUZI UQEDWA ILOLI LAMANZI

UMBIKO: ANDISWA MCHUNU

UBHEKENE nengwadla umndeni wakwaDlamini osale dengwane, kulandela ukuthi iloli lamanzi lingene kulo muzi, kwashona ababili.
Lesi sigameko esishiye abantu beshaqekile senzeke e-Edendale eMgungundlovu.
Ngokusho kwalo mndeni uthi, iloli yamanzi ebishayelwa umshayeli obeqiwe yizimbiza zikaFaro, liphelelwa amabhuleki laphaphalaza yayongena kulo muzi.
Lengozi idlule nemiphefumulo yabantu ababili okungu Pacific Ngubane obeneminyaka eyi-50 nomzukulu wakhe uBandile Mthethwa obeneminyaka eyisithupha.
Owazibonela Kwenzeka lesigameko uNksz Olwethu Dlamini (16), uthe kwamthusa kakhulu lokho akubona,kwamshiya ekhungathekile.
UMnuz Senzo Mzila okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu , uthe amathimba ezinhlekelele EMgungundlovu ayaqhubeka nokulekelela umndeni ngisizo oludingayo ngalesikhathi.