UDLADLA MSHUNQISI USHIYE I-AFROTAINMENT

UMSHUNQISI noDj Tira umphathi we-Afrontainment. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMCULI weGqomu, uDladla Mshunqisi, ulaxaze i-Afrotainment, okuyinkampani kaDJ Tira, wavula inkampani yakhe yokuqopha. Lokhu ukuveze ngesikhathi egubha iminyaka eyi-10 esendimeni yomculo.
UDladla, owazakhela udumo ngezingoma ezahlukene okubalwa kuzo ethi Omunye, lapho asebenzisana khona neDistruction Boyz, kanye nethi Amalukuluku, uthe usekhulile futhi usekulungele ngokwanele ukuthi aqhubeke nohambo lwakhe njengomculi ozimele.“Seluphelile uhambo lwami ne-Afrotainment lapho ebengiqopha khona, ngifisa abantu bazi ukuthi mina noTira sisebenzisane kahle kakhulu, alikho elibi phakathi kwami naye. Inkampani yami izobizwa ngokuthi uMshunqo Records. Abalandeli bami abalindele ulozolo lwezingoma ezizayo lapho ngizobophela khona umrepha uBeast nabanye abaningi,” kusho uDladla.
Uqhube wathi ubudlelwano bakhe noTira buhle kakhulu, usaqhubeka nokumhlonipha njengomuntu obambe iqhaza elikhulu ekukhuleni kwakhe embonini yomculo.
