ELAKULELI LIBHEKENE NOMSEBENZI OBUCAYI WOKUCUBUNGULA ISIFO SE-HANTAVIRUS

KUTHOLAKALE ukuthi amagundwane ayimbangela yale sifo. ISITHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
SEKUQUBUKE ubhubhane lwegciwane olubizwa ngeHantavirus emkhunjini iMV Hondius, osavalelwe ogwini lwaseCape Verde, ngenxa yokushona kwabantu abathathu. Kwabashonile kubalwa abashadikazi abadala okungowesilisa oneminyaka engama-70 oshonele emkhunjini umzimba wakhe wabe usushiywa esiqhingini saseSaint Helena, owesifazane oneminyaka engama-69 oshonele esibhedlela sakuleli eGoli, kanti owesithathu usavaleleke emkhunjini njengoba izwe laseCape Verde linqabile ukuba bangene ezweni labo.
Leli gciwane lijwayeleke emazweni aphesheya kwezilwandle, kubikwa ukuthi libangwa ukuthinta noma ukuhogela uketshezi lwamagundane, futhi izimpawu ezikhomba ukutheleleka zicishe zifane nezomkhuhlane. INingizimu Afrika isithathe isinqumo sokuqoka ithimba elizocwaninga kabanzi leli gciwane ukuze lingabhebhetheki kalula kuleli.
