KUKHUTHAZWA ABESIFAZANE UKUTHI BAZIBANDAKANYE OKHETHWENI LOHULUMENI BASEKHAYA

UNKSZ Mbalenhle Mkhize echaza inhloso yengqungquthela. IZITHOMBE: DDP
NOMCEBO NGEMA
IBE yimpumelelo ingqungquthela yabantu besifazane ebihlelwe iDemocracy Development Program (DDP), ngenhloso yokubhunga ngokubaluleka kokuthi abantu babe yingxenye kwizinto ezithinta ukhetho lohulumeni basekhaya olumhlaka-4 kuLwezi kulonyaka, ebibanjelwe eLangeni Hotel, eThekwini.
UNksz Mbalenhle Mkhize oyi-DDP Partner Liaison & Development Officer, uthe njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya lusemome, kufanele wonke umuntu azibandakanye futhi abe nezwi.
“Abantu besifazane kufanele banikwe ithuba okhethweni lohulumeni basekhaya, ukuze kubonakale ukuthi bayakwazi yini ukushintsha izinto, balekelele umphakathi. Kufanele abantu besifazane babe yingxenye yokuthathwa kwezinqumo. Bayashoda kanti sifuna babe khona lapho kuthathwa khona izinqumo ezingeke zeseke bona kuphela kodwa ezizoseka umphakathi wonke ukuze ukhule. Njengamanje iTheku libhekene nenkinga enkulu yamanzi, kwaze kwaba nezigameko ezenzekayo kumaloli ahambisa amanzi emphakathini. Siyakholelwa ekutheni uma bengena, kuzokuba khona ushintsho olukhulu esilubonayo,” kuchaza uMbalenhle.
Uqhube wathi uma kunenkinga ekhona emphakathini, abantu besifazane ibona ababika kuqala ukuthi kunenkinga. Uthe yize zikhona izingqinamba ezithinta abantu besifazane, kodwa bona bayakugcizelela ukuthi amalunga omphakathi azibandakanye nabantu abalwa nobugebengu emphakathini okungama-CPF, Youth Crime Prevention Desk njalo njalo.
“Siyakholelwa ekutheni uma kukhona ukusebenzisana phakathi komphakathi namaphoyisa, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kungehla,” kuphetha uMbalenhle.
