Uncategorised

USHAYELWE IHLOMBE OWOKUNIKELELWA KUKA-L’VOVO

UYENZIWE Ndimande oqale umkhankaso wokuthi kunikelelwe uL’vovo.

UL’VOVO Derrango owahlaselwa isifo sohlangothi impilo yakhe yangabe isafana nasekuqaleni. IZITHOMBE: FACEBOOK

SIYALOPHIKELA MANGETHE

UTHATHELWE phezulu umkhankaso wokunikelela uL’vovo Derrangoongumculi weKwaito owahlaselwa isifo sohlangothi, osungulwe uYenziwe Ndimande odume ezinkundleni zokuxhumana. UYenziwe kwenze lokhu, kulandela ukugonyuluka kukaL’vovo ngesimo sakhe esinzima abhekene naso njengoba ahlaselwa isifo sohlangothi (stroke) kuleminyaka edlule.

UL’vovo ubekhuluma emsakazweni iGagasi FM, kuhlelo olushayelwa uLinda “Mr Magic”, uthe ngemuva kokuba sengozini yemoto, isimo sakhe sashintsha. Lolu daba luthinte abantu abaningi okubalwa uYenziwe, oqhamuke nombono wokuthi umuntu afake anakho ukuze uL’vovo ezothola ukulashwa. Imali esishayiwe ilinganiselwa ku-R200 000 kusukela kushawe ikhwelo. Isihlabani somculi esingaconsi phansi kwabaningi esiphinde sizibize ngeNkosi yoMaskandi uKhuzani Mpungose, unikele ngo-R20 000, umakaTha ufake uR1500 kwathi uZimdollar wafaka R2000 nabanye abaningi.UYenziwe uthe lo mnikelo ungena kuyena ngqo uL’vovo, asikho esinye isandla esiwemukelayo. Uphinde wakuveza ukuthi akekho umuntu ophoqiwe ukuthi anikele.