IYAQINA EYOKWESULA KUKA-NJINJI KU-KHOZI FM

ASABALALA njengamakhekhe ashisayo amahebezi okusula kukaNjinji oKhozini FM.
Kuthiwa ngokwesitatimende uMandla ‘Njinji’ Mgwaza usulile emsakazweni uKhozi. Lezi zindaba esezigcwele izinkundla zokuxhumana sezenze kwaba nemibuzo eminingi ngokushiya kwakhe.
Kukhona abathi kungani ahambe emuva kuka Sbonga Ngcobo? Abanye bathi kukhona okushaya amanzi ngokusula kuka Njinji, kungathi khona akubalekelayo okanye izimpendulo angenazo.
Ngokomthombo wangaphakathi kuthiwa phambilini uNjinji uke waba necala phambilini okwenza wasuswa embhobheni, okube yindida ukuthi aphinde aqokelwe ukuba azoshayela uhlelo lasekuseni ekubeni enamacala alengaye kuye.
Kuthiwa uNjinji ubezongema kwiVuka Breakfast Show ezongena endaweni kaSipho ‘Sgqemeza’ Mbatha.
Kuthiwa baningi okubashayise amakhala ngalokho, okugcine kumfakela ingcindezi.
Imizamo yokuxhumana noMphathi zinhlelo iphunzile
