Uncategorised

KUBOSHWE OWESILISA OTHOLAKALE NESIDUMBU SOWESIFAZANE EMOTWENI

ULALE ebaliwe owesilisa waseVryheid otholakale nesidumbu somuntu wesifazane emotweni. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UKHALELWE amasongo kaSigonyela owesilisa waseVryheid oneminyaka engama-38 ubudala, otholakale nesidumbu somuntu wesifazane emotweni yakhe.

Lona wesifazane kubikwa ukuthi unguThandazile Thwala, kuthiwa ubehamba nalomlisa okusolwa ukuthi ubeyisoka lakhe. Kuthiwa uThandazile wahamba naye ngemoto ngemuva kokuthi emthembise ukuthi bazophuma beyozithokozisa njengezithandani. Kusolwa ukuthi lo mlisa wamklinya ngentambo wase efihla isidumbu sakhe ngemuva emotweni yakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi kuthiwa lo mlisa waphinde walanda indodakazi kaThandazile eneminyaka engama-24 ubudala, wayisa endaweni yaseMabona. Kuvele uiuthi wayitshela ukuthi usayothenga uphethiloli kodwa wahamba wangabuya. Indodakazi kuthiwa yagcina ithole isidumbu sikanina emotweni yase ibikela amaphoyisa.

Lo wesilisa uboshiwe, ubhekene necala lokubulala. Amaphoyisa athi ayaqhubeka nophenyo ukuze kutholakale kabanzi ngokwenzekile.