KUBHUNGWE NGEZOKUQINISA EZOKUPHEPHA EMINGCELENI

INKOSI Malusi Zondi noNgqongqoshe uMmamoloko Kubayi, ngemuva komhlangano wokuqinisa imingcele yakuleli. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
INKOSI uMalusi Zondi onguShansela waseNdlunkulu yamaZulu, ohola ezoMnotho kanye nokuXhumana namaSiko, ihlangane noNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uMmamoloko Kubayi eThekwini.
Lo mhlangano ubanjwe ngenhloso yokubhunga kabanzi ngokuqinisa ukuphepha emingceleni yaseNingizimu Afrika, ukuze kubhekwane nokungena kwabantu ezweni ngokungemthetho, nokuqinisekisa ukuthi imingcele ivikelwe ngendlela efanele.
Kulo nhlangano kuxoxwe ngokubaluleka kokubumbana koMphakathi, nesidingo sokuthi imiphakathi nemikhakha eyahlukene isebenzisane ekubhekaneni nezinselelo ezibhekene nezwe.
“Le mizamo iyingxenye yokubuyisa isithunzi seNingizimu Afrika, ukukhulisa umnotho, nokwakha amathuba emisebenzi. Ukubambisana phakathi kobuholi bendabuko nohulumeni ekuthuthukiseni ukuphepha kwezwe, kubalulekile kakhulu nokubambisana komphakathi, ukuze kwakhiwe iNingizimu Afrika ebumbene,” kusho iNkosi uZondi.
