
UMASIPALA WETHEKU UPHIKA IZINSOLO ZENKOHLAKALO KA-R20M
OWAMI THABETHE
UMASIPALA weTheku uchithe izinsolo zenkohlakalo ka-R20m, ekudayisweni kwezikhala zomsebenzi uma ukuqashwa amaphoyisa kaMasipala, kulandela uphenyo lwangaphakathi obekwenziwa, Isiqu Forensic Accountants, izikhulu eziphezulu zeTheku nabezomthetho,
IMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Musa Mbhele, ithe azikho izikhulu ezithintekayo kulolu daba, ngesikhathi ikhuluma nabezindaba ngoLwesithathu mhlaka 2 Mandulo 2026, eCity hall eThekwini.
“Siyazi ngemali eyi-R420 000, owanikwa umsebenzi oyedwa ethembisa abantu abawu 71 umsebenzi, hhayi u-R20 million. Ngalolu daba kusaphenywa izikhulu ezimbili, ngokungalubiki lolu daba,” kuchaza Mbhele.
UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala weTheku, uMnuz Sibonelo Mchunu, uthe kuzo zonke izinhlelo zokuqasha kunezigebengu ezithatha amashansi ziqole abantu.
Weluleke abantu ukuthi bangakhokhi ngisho isenti ngomsebenzi. “Bangaphezu kweshumi abantu asebeboshiwe, abaqola abantu abafuna umsebenzi.
Kuvele ukuthi
ngokwezinsolo eziqukethwe embikweni oyimfihlo wophenyo, oluhlanganiswe ngabahloli bamabhuku abazimele, Isiqu Forensic Accountants, izikhulu eziphezulu zeTheku nabezomthetho, kusolwa ukuthi kukhona abayamaniswa nohlelo lokudayasa imisebenzi yamaphoyisa kaMasipala.
Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance, ibibhikisha ngaphandle kwase City Hall ithi ababoshwe bonke abathintellka ekudayisweni komsebenzi wamaphoyisa kaMasipala, imali esifinyelele ku-R20m, kusukela kunyaka ka-2025 kuya kunyaka ka-2026.
