
KUSUKE ISIDUMO ABOKUFIKA BETHOLANA PHEZULU NABAKULELI
OWAMI THABETHE
KUSUKE uthuli lwezichwe, amalungu eMarch and March etholana phezulu nabantu bokufika baseCongo, asebehlale izinyanga ezintathu ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya, emgwaqeni uChe Guevara,ngoLwesine mhla ziyi-3 kuMandulo 2026 eThekwini.
Amalunga eMarch and March, abhekise amabombo kuMoore Road eThekwini, eyosusa iqulu labantu baseCongo abawondinga sithebeni ngaphandle kwehhovisi loMnyango wezaseKhaya.
Le mashi ibiholwa uJacinta Ngobese-Zuma, oqinisekise ukuthi bayi-10 abantu abangamalunga abo abalimele, ngesikhathi amaphoyisa ezama ukubalawula nabantu bokufika.
“Njengamanje isimo sibi kakhulu kodwa ngiyethemba sizosebenzisana nabomthetho ukwehlisa amaphaphu kubantu”, kuchaza uJacinta
Abomthetho bafikile endaweni yesigameko ukuzopholisa uthuthuva kodwa ahluleka.
Bagcine sebevala iMarch and March ukuthi ingaqhubeki ngalolu suku ngoba abantu bebengalawuleki.
