UMKHWANAZI UNCOME IGXATHU ELITHATHWE UHULUMENI WASE-KZN

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wamakhosi eMayville. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ushayele ihlombe isenzo sikaNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli, sokunika aMakhosi aseNdlunkulu angama-288 igunya lokuba okhomishana bezifungo. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko e- Archie Gumede Conference Centre, eMayville eThekwini.
UMkhwanazi uthi lesi senzo sihle kakhulu, ngoba amalunga omphakathi amaningi agcwala eziteshini zamaphoyisa, ezogxiviza izinto zawo ezibalulekile (certified documents) ebese kugcina kubambezeleka umsebenzi obalulekile wamaphoyisa, okungukulwa nobugebengu nokuphenya amacala. “Lo msebenzi wamaphoyisa ubugcina ubambezeleka ngenxa yokuthi kufanele bagxivizele abantu izinto zabo. Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi uhulumeni wesifundazwe ukubone kubalulekile ukuthi anike amakhosi igunya ukuze nathi njengamaphoyisa silekeleleke sikwazi ukugxila ekulweni nobugebengu. Leli yigxathu likahulumeni lizosiza nawo amalunga omphakathi imbala, ebegibela ibanga elide aye eziteshini zamaphoyisa eyofuna istembu nje kuphela,” kusho uLt General Mkhwanazi.
Uqhube wathi njengoba umthethosisekelo waseNingizimu Afrika unikeza umsebenzi amaphoyisa ukuthi abhekane nobugebengu, aphenye amacala aphinde avikele umphakathi, uthi kodwa amaphoyisa ebesezithola enza umsebenzi ongabhaliwe emabhukwini amakhulu okungukugxiviza amaphepha kanye nezitifiketi zabantu. “Uhulumeni unikeze imvume, wanikeza umsebenzi uNgqongqoshe ophethe ezoMthetho ukuthi akhiphe izincwadi ezizogunyaza uhlobo oluthile lwabantu ukuthi likwazi ukwenza lo msebenzi wokugxiviza. Sebebaningi abakhona kuhla lwabagunyaziwe okubalwa amakhansela kahulumeni anelungelo lokukwenza kanye namakhosi anikwe uhulumeni wesifundazwe igunya,” kuphetha uLt General Mkhwanazi.
