
ISILO SINXUSE UKUTHI KUKHULEKELWE ISIHLALO SASO

IZINYANE leSilo uMntwana Tensindiso kaMisuzulu kuMkhosi woMhlanga waseMachobeni.

IZINTOMBI ebezihambisa umhlanga kwiNdlulamithi

ISILO uMisuzulu kaZwelithini, eMkhosini woMhlanga eMachobeni.
AYANDA PHOSWA
KUGQAME ubumbano phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini namakhosi akhele uMkhanyakude, kulandela ukuthi amakhosi okubalwa Inkosi uGumede, INkosi uTembe neNkosi Mathenjwa, bekhiphe amatshitshi ukweseka uMkhosi woMhlanga waseMachobeni, kusukela ngoMgqibelo, esigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini eMachobeni eNgwavuma.
Kubonakale sikhuphukile kakhulu isibalo samatshitshi abe hambele lo mkhosi, njengoba ebebalelwa ku-7000, uhanjelwe izizwe ezahlukene okubalwa amaSwati, amaThonga namaZulu.
Ibhonga iNdlulamithi, iveze ukuthi likhulu iqhaza elibanjwa imikhosi kaZulu, ikakhulukazi owomhlanga, njengoku uthuthukisa umnotho, ezokuvakasha.
INdlulamithi ibonge onomehlo, inkulu indima abayiklamayo futhi
imisebenzi yabo iyabonakala.
“Thandazelani lomhlabathi kaZulu nalesi sihlalo saKaZulu, ngoba kukhona nabafuna ukuqeda ngalo mhlanga, bathi kuhanjiswa amantombazane nqunu. Nibahle bantabami bambisanini kahle nomama enibambisene nabo,” kubhonga iSilo.
ISilo sincome ukubambisana kukahulumeni neNdlunkulu ekusingathweni kwemikhosi.
“Ngiphakamisa ukuthi uMnyango wezeMidlalo,ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal nabeTravel and Tourism namakhosi, ngokulekelela ukuthi le mikhosi ibesezingeni. Asizigqaje ngemikhosi yethu ukuze umhlaba wonke ubone ubuhle bayo,” kubeka iSilo.
