UNTULI UTHI ABOKUFIKA KULELI NGOKUNGEMTHETHO ABAHAMBE

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

KUSUKELA ngakwesokunxele uMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, uJacinta Ngobese-Zuma kanye noPhakelumthakathi Ndabandaba ngesikhathi kuqhubeka umhlangano. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi usamile emazwini akhe, athi bonke abokufika abakuleli ngokungemthetho abahambe baphindele emazweni abo.
Usho lokhu namuhla ngesikhathi kunomhlangano wokubhunga kabanzi ngodaba lwabokufika kuleli ngokungemthetho, nabahleli bamamashi enzeka ezweni lonke anxenxa abokufika ukuba bahambe, eThekwini eThe Marine Building.
UNdunankulu uNtuli uthi inhloso yalomhlangano ukuthi babhunge ngenkinga ababhekene nayo, futhi abantu abakhala kakhulu ngayo. Uthi sebebonile izinhlangano zomphakathi ziya emgwaqeni zizwakalisa ilaka lazo, lokunganeliseki ngokuthi le nkinga iyaqhubeka. “Besixoxisana nezinhlangano zomphakathi okuyiMarch And March, Insizwa Nobunsizwa Development Foundation, uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Nata uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, iPhini likaKhomishana waMaphoyisa kuMasipala weTheku, uMnyango wezaseKhaya kanye noMnyango wezaBasebenzi, ukuthi singabhekana kanjani nalenkinga ngokubambisana. Akufanele sithumele umlayezo okhombisa inzondo noma okhombisa ukubandlulula abantu okungebona abalapha eNingizimu Afrika. Sivumelene ngokuthi abantu abaqhamuka kwamanye amazwe bamukelekile ukuba kuleli kodwa kufanele babe kwelakuleli ngokusemthethweni,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi abantu abayinkinga kakhulu futhi abangadingeki esifundazweni nakulelizwe, ilaba abalapha ngokungemthetho, ngoba kuningi abakwenzayo okungalungile. Uthi imibono eqhamuke nezinhlangano ezimele umphakathi bazoyicubungula ngokubambisana baphume nezindlela zokuthi ifezeke.
“Sivumelane ngokuthi ukuxoxa kwethu kwanamuhla akungapheleli emoyeni, kodwa sizophinde sihlangane ngoNhlangulana sibuke izinto esivumelane ngazo, ukuze ukuqonda kwabo kuhambisane nokuqonda kwethu njengohulumeni, amaphoyisa alwa nobugebengu kanye nakaMasipala weTheku ngenhloso yokuthi konke okuzokwenzeka kwenzeke ngaphansi kwaleso sigaba. Namanje siyagcizelela ukuthi lapha esifundazweni saKwaZulu-Natal makukhona umuntu olapha ngokungemthetho kuhle abuyele kwelakubo, lokho akudingi nokuthi aze aphushwe. Abahambe babuye namaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba kuleli, lowo umthetho esivumelane ngokuthi kufanele uqiniswe,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
