UBONGA UKWESEKWA U-ZAMAMBO KOWAMATSHIWELELE

UZAMAMBO “Itshitshi le country” Mkhize ongumsunguli wamatshiwelele.

Umbhalo oshicilelwe uZamambo ezinkundleni zokuxhumana, wokubonga. IZITHOMBE:FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMHLELI womcimbi Amatshiwelele Festival, uZamambo Mkhize, ubonga bonke abantu ebebephume ngobuningi babo ukuxhasa umcimbi Amatshiwelele osungulwe nyakenye, obuseCurries Fountain ngoMgqibelo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizinkumbi zabantu ikakhulukazi amatshitshi abehlobe econsa ngombala omhlophe njengoba kwakuceliwe. UZamambo uthi imvula ebe khona ibe ngeyesibusiso, kwazise bebehuba ihubo likaMkabayi kaJama.
“Ngibonga kakhulu ngothando nokukuseseka. Nenze usuku lwaba yimpumelelo enkulu futhi benilokhu nijabule kusukela ekuqaleni komcimbi kwaze kwaba isekugcineni kwawo. Ngisho noma imvula inetha, injabulo ayizange ishabalale. Kumina imvula ibiyisibusiso esivela phezulu,” kusho uZamambo.
Uphinde wabonga bonke abaculi, abaxhasi, abadayisi nabasebenzi ababambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi umcimbi uyaphumelela. Wethembise into yamehlo nangonyaka ozayo.
