Izindaba

UNALA UCACISA NGEZINDLEKO ZEMINGCWABO YASEMSINGA

UVEZOKUHLE Nala ongumphathi waMathole Funerals.

UMNGCWABO kaScebi Dlamini obusezingeni eliphezulu.

AMATENDE abenzi we emngcwabeni weNkosi Yamagcokama

IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UVEZOKUHLE Nala waMathole Funerals usephendule kulabo abagxeke abaculi bakamculo kaMasikandi, bethi bahambise imali yesoso yakwaDlamini kuye.

UNala uthe ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana kubangelwa ukungazi kwabantu, nokuthi banemilomo emanzi.
UNala ukuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo noqweqwe lentatheli yeLanga Newspaper uMthobisi Sithole.

“Abantu abakhuluma ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma ngoba banemilomo. Ukungazi kuyakwenza ugcine uphawula ngento ongayazi, ”kusho uNala.
Uveze ukuthi imali ebalelwa ku-R230 000 ehlanganiswe abaculi ayizange yenele umngcwabo kaSipho “Gupta” Mchunu oyigidangoma likaScebi eyedwa vo, owawunamatende amathathu.

“Itende elilodwa silithola ngo-R100 000. Uma sizolihlobisa sikhokha cishe u-R30 000, bese ifenisha engaphakathi ibiza ngaphezu kuka-R10 000. Ezinye izindleko bezihlanganisa ukudla okuzodliwa, izipikha, izimoto, uhlobo lwebhokisi kanye nokulandwa kwemizimba eRichards Bay,” esho.

Mayelana nomngcwabo kaScebi Dlamini owaziwa ngeleNkosi Yamagcokama, uNala uthe izindleko beziphezulu kakhulu, njengoba izipikha , nesteji kuphela kubize ngaphezu kuka-R150 000.

“Emngcwabeni ka-Scebi bekukhona namatende abenezivalo ze-aluminium, okubalwa itende lomndeni, elabaculi, elezicukuthwane. Nalapho ebekwenziwa khona ukudla, ifenisha nezimoto zakwanokusho, amaloli athutha impahla ebiziya eMsinga, nezindawo ebeziqashiwe zokuhlala abasebenzi. Konke lokhu bekumba eqolo,” kuqhuba uNala.