Izindaba

UNTULI UKHALA NGEZIMEYA ESEZINGAMAVILA

OWAMI THABETHE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ukhale ngezikhulu ezingabaholi ezingamavila, ngesikhathi ehlangene nobuholi besifundazwe kwiPremier’s Coordinating Forum, ebiseThekwini, ngoLwesihlanu mhla ziyi-4 kuMandulo 2026.

UNtuli usole uvalo nobuvila kubaholi bomasipala, ikakhulukazi iziMeya, nathe okukhomba lokho, ukuthi babeyincosana kulo mhlangano, obalulekile kangaka obekuxoxwa kuwo ngezindaba zezinsiza zoMasipala, izinkinga zikagesi, amanzi nomkhankaso ‘Engangeni Ngesango Iyafohla’.
UNdunankulu uthe, noma ngabe abaholi sebeyabona ukuthi selibashonele ilanga ezikhundleni abakuzona, kodwa bangayeki ukusebenzela umphakathi uma isikhathi sabo singakapheli.

“Abaholi abangabeki phansi amageja isikhathi singakafiki. Umhlaka 04 kuLwezi awukafiki, abantu abaqhubeke nokukhathalela izidingo zabantu babo, kuze kube sekupheleni njengesifungo sabo”, kusho uNtuli.

Uthe kulindeleke ukuthi ukube nokubambisana okukhulu kubaholi bemiphakathi okubalwa amakhansela, amakhosi nezimeya, uma kuziwa kule forum.
Uzwakalise ukukhathaza ngokungaphumeleli kwezimeya, ukuzozizwela ukuthi kwenzakalani emiphakathini yabo futhi zithini izixazululo.