UKA-MADLOPHA UKHATHAZEKILE NGOKUSHODA KWENTSHA EMBONINI YOBISI

UNGQONGQOSHE uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa ethula inkulumo yakhe kubafundi ebebethweswa iziqu. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal uNkk Thembeni kaMadlobha-Mthethwa, ukhuthaza intsha ukuthi ingene embonini yobisi. Ukhulume kanjena ngoLwesihlanu ngesikhathi kuthweswa abafundi iziqu eCedara, eMgungundlovu.
UNgqongqoshe uyalele abafundi ebebethweswa iziqu ukuthi bangene embononi yobisi, futhi basebenzise abafuyi nabalimi abanolwazi ukuze bathole ukucathuliswa. “UMnyango wezoLimo uzoqinisa ukusebenza kwawo emahhovisi ezifunda, ukuze uthole abafundi ababili abazokwenza kahle. Laba bafundi bazonikezwa ithuba lomsebenzi. Ngiyabakhuthaza abafundi ukuthi bazame ukuzisebenza, bangene emaplazini basize. Abanye abafundi sizobanika ama-internship ngenhloso yokubaheha ukuthi bangene kumkhakha wezoLimo kulonyaka, ngoNhlangulana,” kusho uNgqongqoshe ukaMadlobha.
