IMEYA NEKHWELO LOKULWA NENKOHLAKALO KUBAHOLI

IMEYA yakwa-Dukuza uCllr S’duduzo Gumede, nekhwelo lokulwa nobugebengu. ISITHOMBE:SIYABONGA PHAKADE
AKHONA DLAMINI
IHLABE ikhwelo lokulwa nenkohlakalo kubuholi iMeya yakwa-Dukuza uCllr Sduduzo Gumede, ngesikhathi kubuyekezwa uhlelo lwe-IDP nesabelomali e-Umhlali Preparatory School, ngoLwesithathu.
UGumede uthi amakhansela endawo akumele agxile kwipolitiki kuphela kodwa kufanele anyuse amasokisi ekuletheni izinsiza emphakathini.
“Okokuqala engikubonile ukuthi sidinga uhulumeni ozinikele ekusizeni abantu ukuze imihlangano ikwazi ukuba nemphumela emihle. Kufanele wonke umuntu adlale indima yakhe ekubhekeni ukusebenza kukahulumeni, ngokugcina kwiximfuno nezidingongqangi zomphakathi,” esho.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGumede usengumacekeceke njengoba esaqhoqhobele isihlalo sobumeya izinsukubeziyi-57.
Uthembise ukuthi uzigxila kakhulu ekwakheni ubumbano phakathi kwamaqembu ezepolitiki nokwakha uhlelo olubanzi lokuthuthukisa izinsiza emphakathini.
Kumanje uthi umatasatasa nohlelo oluhlanganisa ukunciphisa ukulahleka kukagesi, ukulungiswa kwengqalasizinda, ukuvala izimbobo zokulahleka kwemali, ukudala amathuba emisebenzi nokukhulisa umnotho.
