
AWEZWENE AMALUNGA EQEMBU LE-MKP

AMALUNGA woMkhonto weSizwe Party.
AKHONA DLAMINI
KUXABENE ubendle eqenjini loMkhonto Wesizwe Party (MKP) eThekwini, kulandela ukukhala kwamalungu ngokuthi kunomkhonyovu okusolakala ukuthi wenzeka ngesikhathi kukhethwa abazomela leli qembu okhethweni lohulumeni basekhaya.
Amalungu aleli qembu abhikishe ngaphandle kwamahhovisi esifunda eThekwini ngoLwesibili, efuna izimpendulo ngokukhethwa kwabazongenela izikhundla zobukhansela.
USithembiso Mlungwana waku-Wadi 101 uthe, unqobe ngamavoti ayi-395, kwathi umuntu obelandela yena wathola ayi-36,
nakuba kunjalo, igama lakhe ligcine lingekho ohlwini olwahanjiswa.
“Umuntu owayengilandela wathola amavoti angama-36. Inqubo elandelwayo kuMkhonto weSizwe wukuthi kuthathwa umuntu oyedwa onqobile kuleyo wadi. Ngizilandele zonke izindlela nemigudu ngesikhathi ngihlolwa wubuholi besifundazwe, ngaphinde ngahlolwa nawubuholi bukazwelonke. Kuthe ngosuku lokukhishwa kwamagama, sathola ukuthi amagama esiwahambisile ashintshiwe, kwafakwa amagama abantu ababephume isibili,” kusho uMlungwana.
Owayengumholi weMK ku-Wadi 42, uThamsanqa Ntshangase, naye uthe kunokungahambisani phakathi kwemiphumela yokhetho lwangaphakathi, nalokho okwethulwe ohlwini lwabazongenela ukhetho kwi-IEC.
“ Mhla ziyi-11 kuNtulikazi 2026, kwakhethwa abantu abathathu, kwathi uSikhumbuzo Sibisi wathola amavoti ayi-375, uNkosinathi Nhlawulana wathola ayi-284, kwathi uNjabulo Ndaba wathola angama-211. Kuthe uma kubuya amagama abhaliswe kwi-IEC, obengunombolo-2 wabuya esengunombolo-1, okuyinto esimangazayo ukuthi yenzeke kanjani,” kubeka uNtshangase.
UNobhala Jikelele waleli qembu uSibonelo Nomvala, uthe iqembu lizokwenza uphenyo olunzulu ngaphambi kokuthatha izinyathelo, njengoba lifuna ukuqonda kahle ukuthi kwenzekeni ngenqubo yokukhethwa nokuhanjiswa kwamagama.
