Uncategorised

SEKUVELA ABAGAQELE ELIKA-MAMKHIZE ELIZODAYISWA ESIDLANGALALENI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

LOWO owake waba umkhulumeli weSuperSport United uDavid ‘Mazolman’ Sikhosana nesinye isiqumama saseGoli bangabanye abantu abafuna ukuthenga iRoyal AM esifakwe endalini i-South African Revenue Services (SARS) .
USikhosana, oyilungu lephalamende iMK Party, kuthiwa uzosebenzisana noJoe “Ferrari” Sibanyoni, ongusomabhizinisi odumile embonini yamatekisi namaloli.
Lawa madoda kuthiwa azimisele ukukhipha uR15 million ukuthenga leli qembu elisezikweletini, ezidale ukuthi imidlalo yalo eyishumi lingayidlali.
Kuthiwa okuhloswe ilawa madoda ukuthi iqembu balihambise liye kozinza KwaNdebele eMpumalanga ngesizini ezayo.
IRoyal AM isifakwe endalini ngenxa yokuthi umnikazi wayo uShauwn Mkhize ukweleta u-SARS imali ebalelwa kuR40 million. USikhosana usebenze isikhathi eside iSuperSport igila izimanga isaqeqeshwa uPitso Mosimane noGavin Hunt. Incwadi eputshuke kwabezindaba ingxenye yayo ifundeke kanje. “Enye yezinhloso zethu ukuthi iqembu liqhubeke lidlale kwi-PSL futhi abasebenzi abanjengabadlali nabanye bengalahlekelwa imisebenzi. Sizimisele ukukhokha ingxenye yemali uma imizamo yethu yokuthenga iqembu iphumelela.”