UCELA USIZO USAZIWAYO WAKULELI OVALELEKE EDUBAI

USAZIWAYO wakuleli u-Eva Modika ovaleleke eDubai, njengoba ebeyobungaza usuku lwakhe lokuzalwa. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UPHUMELE obala usaziwayo wakuleli u-Eva Modika, wacela usizo lokuthi kungenelele uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokushesha, njengoba evaleleke esikhumulweni sezindiza e-United Arab Emirates (UAE), esezweni lase-Dubai.
Lokhu kulandela ukuhoxiswa kwezindiza eziningi eziqhamuka emazweni aphesheya kwezilwandle, njengoba kuqhubeka impi phakathi kwezwe lase-Iran, Israel ne-United States.
U-Eva ubhale incwadi eyibhekise kuMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, nakuMnyango Wezobudlelwane Bamazwe Omhlaba, ukuthi bangenelele njengoba bebaningi abantu bakuleli abazinze ngokomsebenzi emazweni aphesheya, futhi abanye beye ngokuvakasha.
“Bengize eDubai ngizobungaza usuku lwami lokuzalwa, kanti kuzosuka impi phakathi kweMelika ne-Iran. Kushawe izikhumulo zezindiza ngemicibisholo ekhafula umlilo e-UAE, okudale ukuthi kumiswe zonke izindiza eziphumayo nezingenayo,” kuchaza u-Eva kwisitatimende asikhiphe ngoMgqibelo zingama-28 kuNhlolanja.
Izolo ekuseni kubonakale sehlile kakhulu isibalo sabantu abafika ngezindiza e-OR Tambo International Airport. I-Airports Company South Africa (ACSA), ikuqinisekisile ukuthi indawo yezindiza e-United Arab Emirates ivaliwe, kwaphazamisa imizila eminingi ehleliwe yamazwe.
