
UPHEKA UYATHULULA UZUMA KWI-MKP

UNKK Zandile Hlophe Mkhwanazi obezomela iMK Party kwesobuMeya weTheku.
OWAMI THABETHE
UMengameli woMkhonto Wesizwe Party, uMnuz Jacob Zuma usegudluze kabuhlungu uNkk Zandile Hlophe Mkhwanazi, obekade ezomela iqembu kwesobuMeya emkhandlwini weTheku, waqoka u-Apostle Mxolisi Phakathi njengomuntu azofolosa ngaye kulesi sikhundla.
UZuma umemezele lokhu ngesikhathi ebambe umhlango nobuholi beqembu eRadisson Blu Hotel eMhlanga ngoMsombululo mhla ziyi-7 kuMandulo.
Ukubeke kwacaca ukuthi angeke azibekezelele izinsolo zokukhwabanisa nokuxhashazwa kwabantu eqenjini lakhe.
Uthe uma kukhona abasolekayo ngenkohlalo kumele kuthathwe izinyathelo ezithize.
Uphinde wakhomba indlela uSibonelo Maphumulo kwiNational Party Liaison Committee, wase ehlakaza nePresidential Task Team wathi uzoqala yonke into phansi ngokwakhe.
Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo ezenziwe amalunga aleli qembu, zokuthi kushintshwe amagama abantu abazomela iqembu kwezobukhansela.
UZuma uyalele ukuthi kuphenywe ngezinsolo zokushintshwa kwamagama abantu ababeqokelwe ukuba ngamakhansela, ngaphambi kokuthi kuthunyelwe uhlu kwa-IEC.
