Uncategorised

UPHUNYUKE OGIBENI USJAVA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UMCULI we-Afropop u-Amanda Black ukhiphe uSjava emanzini abilayo, kulandela ukuthi lo mrepha ubesebukwa kabuhlungu, esolwa ngokuthi wadlwengula le ntokazi eyake yaba sesitebeleni esisodwa naye.
Kuleli sonto kunyakaze izinkundla zokuxhumana ngesikhathi kusabalala ividiyo ka-Amanda ekhala enandisa esiteji. Omunye wabantu abasebenzisa i-X, wanameka le vidiyo wafaka umbhalo, othi u-Amanda ungaphansi kobuhlungu ucabanga ngesigameko sokudlwengulwa uSjava.
Ngemuva kokuqina kwalezi zinsolo njengoba kukhona, abathi bayamkholwa u-Amanda.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Amazulu uvele wabhala ekhasini lakhe likaFacebook.
“Sanibonani nonke. Angazi aqhamuka kuphi lawa mahlebezi kodwa awasilona iqiniso awaqhamukanga kimi. USjava akaze angihlukumeze ngokocansi,”ubhale kanje u-Amanda kuFacebook.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo 2020 uSjava wake wazithola esemanzini abilayo ngemuva kokuthi evulelwe icala owayeyintombi yakhe uLady Zamar owathi wamdlengula
Le ntokazi yathi yadlwengulwa ehhotela eThohoyondou eLimpopo, ngemuva kwekhonsathi ngo 2017. USjava wasinda emlonyeni wengwenya ngesikhathi iNational Prosecuting Authority iveza ukuthi ayibutholi ubufakazi obuqanda ikhanda, obukhombisa ukuthi ngempela wadlwengula uLady Zamar. Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bazigxekile lezi zinsolo ezivumbukayo bathi abantu badlala umona ngoba bebona lo mrepha waseBergville edlondlobala kakhulu kunakuqala. Kukhulunywa nje inoni lakhe elisihloko sithi “Uyena” lidlalwa ubuthaphuthaphu emisakazweni nasezindaweni zokucima ukoma imbala.