Uncategorised

UPHINDI-P UTHATHE UHLELO LUKA-ZANELE MBOKAZI KU-KHOZI FM

.

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

KUFEZEKE iphupho kubalaleli ngesikhathi uPhindi-P egqokwa Ukhozi FM, ngokusemthethweni ukuthi ashayele uhlelo lukaZanele LaMbokazi Nkambule elithi ‘Sikhuphukela Eshilo, oludlala njalo ngeSonto ekuseni.
UPhindi P obeseshayele lolu hlelo isikhathi eside, kusukela uZanele LaMbokazi Nkambule esaxinekile, nangemuva kokudlula kwakhe emhlabeni ngonyaka owedlule.
UKhozi FM lukhiphe lolu luhla lwezinguquko zezinhlelo zalo, okwenziwa iminyaka yonke, oluzoqala ngenyanga ezayo u-April. Abasakazi ngalesi sikhathi basuke benovalo entanyeni ngoba basuke bengazi ngekusasa labo uma sekuvuselelwa izinkontileka.
Abaphathi boKhozi FM, bathule izinguquko zabo kwi-Breakfast Show.
Kanti uNozipho Zulu uzoba ohlelweni ‘Akulalwa’, okuwuhlelo olungena ngoMgqibelo 00:00-3 ekuseni