Izindaba

UMAWHOO UKHUZA ISIHLAVA SOKUBULAWA KWABESIFAZANE

UMAWHOO uthi phansi ngokubulawa kwabesifazane.
ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA

AKHONA DLAMINI

UMCULI ongaconsi phansi ebantwini, uMawhoo ogama lakhe langempela nguThandeka Ngema , ukhuze isihlava esibonakala sanda kakhulu sokubulawa kwabesifazane, eNingizimu Afrika, kulandela ukutholakala kwabesifane abayi-10, bebulewe ngesihluku. UMawhoo ukusho lokhu ngesikhathi enenkulumo ekhethekile naleli phephandaba, eseMaison Florida, eThekwini, lapho ebezokwethula khona ngokusemthethweni umcimbi wakhe iSecret Garden with Mawhoo ozoba mhla zingama-28 kuLwezi.

Uthe ibuhlungu kakhulu inhliziyo yakhe ngabantu besifazane ababulawa ngesihluku esingaka.

“Kukhona abantu abangenanembeza ngempela. Ngifikelwa ubuhlungu obuyisimanga uma ngicabanga imindeni yalaba besifazane. Abanye bangabazali, osisi, kanti abanye kuthenjwe bona emakhaya abaqhamuka kuwona. Unembeza usushonephi nje uma sewubulala umuntu wesifazane ngalolu hlobo,” esho.

Uqhube wathi kwayena uthuka izanya, ngoba lokhu kungenzeka nakuye nakumuntu asondelene naye imbala. Ufisa sengathi kungatholakala ikhambi lokuqeda lesi sihlava.

Lesi sihlava esigqame kakhulu eKempton Park, kanti sisabalele naKwaZulu-Natal.