ISILILO KUDLULA EMHLABENI INKOSI YAMAGCOKAMA

INKOSI Yamagcokama edlule emhlabeni izolo engozini yemoto.

UKHUZANI noNtencane bafike kuqala endaweni yesigameko. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
SIKHULU isililo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukudlula emhlabeni kukaS’cebi Dlamini, obaziwa kakhulu ngeNkosi Yamagcokama emculweni kamaskandi. US’cebi udlule emhlabeni izolo ngezikhathi zakusihlwa engozini yemoto, ngesikhathi eyonandisa eRichards Bay, emcimbini wokuhlonipha abantu besifazane iBasadi Music Festival.
Le nsizwa ayidlulanga yodwa emhlabeni kulengozi kodwa idlule emhlabeni negidangoma layo elilodwa. UKhuzani Mpungose noNtencane ogama lakhe langempela kunguSenzo Zondi, babe ngabokuqala ukufika endaweni yesigameko ngemuva kokuthola lo mbiko oshaqisayo. Izinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana zizwakalisa ukushaqeka. INkosi Yamagcokama izokhumbuleka ngezingoma zayo ezimnandi zothando.
