Uncategorised

ISILO SIBONGE UKUGCINWA KOSIKO LOMKHOSI WAMAGANU

ISILO uMisuzulu KaZwelithini noNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi wamaGanu.

ABESIFAZANE behambisa enkosini utshwala besintu obenziwe ngamaganu. IZITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

ISILO uMisuzulu KaZwelithini, sibonge wonke umuntu obeyingxenye yoMkhosi wamaganu, oba minyaka yonke ngalesikhathi esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma ngoMgqibelo.

Ngesikhathi sithula inkulumo iSilo sibonge labo abasakholelwa ekugcineni leli siko minyaka yonke.

IMeya ehola uMasipala wesiFunda uMkhanyakude uCllr Siphile Mdaka imukele amakhosi, izinduna, amabutho ondlunkulu bamakhosi, izintombi, onomehlo, ongqongqoshe nezisebenzi zeminyango, osomabhizinisi nezicukuthwane zonke eMkhosini wamaGanu.

“Egameni lobuholi nezisebenzi zomkhandlu ngamukela izivakashi zeSilo saMabandla kuMasipala uMkhanyakude. Umemezile okaNdaba, siyasabela Silwesikhulu. Kuningi okungathokozelwa izivakashi kule ndawo yaseMkhanyakude okubalwa ukuvakashela iziqiwi, ulwandle, amahhotela aphambili nokunye okuningi,” kusho iMeya uMdaka

Iqhube yathi izivakashi nezicukuthwane bezilokhu zithelekile eMkhanyakude, kusukela ekuqaleni kwesonto njengoba bekunemidlalo ye-Premier’s Cup eManguzi KwaMhlabuyalingana, ngempelasonto.