
UMDOLOMBA UBUNGAZE ELOKUZALWA KWESILO NGENDLELA EHLUKILE

UNDLUNKULU weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uNomzamo uKaMyeni, ugubhe usuku lokuzalwa kweSilo, nokunikelelwa abahlala emgwaqeni. ISITHOMBE: IOL
OWAMI THABETHE
UNDLUNKULU Nomzamo Myeni Mdolomba waseMachobeni, ubungaze usuku lokuzalwa lomyeni wakhe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngokwelula isandla ezinganeni ezingenabazali ezihlala emgwaqeni, e-Adams ngoLwesithathu mhla zingama-23 kuMandulo.
UMdolomba uhlangane nenhlangano engenzi nzuzo iShanela Mshanelo NPO, ngokunika usizo ezinganeni ezazalelwa emgwaqeni, ezingenazo izibongo, nezingafundi ngenxa yokweswela.
UNdlunkulu Mdolomba ufike kule ndawo ephethe ukudla nezinto zokugqoka zezingane, wathi lezi zingane ziyaludinga uthando ngoba nazo zingezeSilo kazehlukile kwezinye .
“Akumele sibakhohlwe labo abadinga usizo lwethu ngempela abangakwazi ukuzikhulumela. Kumele sizame ngakho okusemandleni ukusiza lapho singakwazi khona, noma ngabe sicabanga ukuthi kungakanani,” kusho uMdolomba.
UKaMyeni uthe izingane eziyizintandane akufanele bakhohlakale.
” Bakudinga ukuvakashelwa bejatshuliswe nabo ukuze bezibone befana nezinye izingane. Ukungabi namakhaya akufanele bakubone njengesici ngoba nabo abazidalanga,” kubeka uKaMyeni.
Uthe le nhlangano engenzi nzuzo, ebaqoqayo iyadinga ukulekelelwa ngayo yonke indlela, ukuze abaholi bayo bengakhathali.
