Izindaba

UPHENYO OLUPHUTHUMAYO NGEZINKINGA ZASEZULULAND

OWAMI THABETHE

USEFAKE uphenyo oluphuthumayo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA), uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngenxa yezinkinga ezikhungethe uMasipala wesiFunda iZululand, ngemuva kokuba abasebenzi balo masipala bengaholi ngesikhathi.

Le nkinga yokungaholi kwabasebenzi ibange umsindo omkhulu, bekhala ngokulamba nokungakhokheki kwezikweletu. Lokhu kuholele ekutheni ungaqoqwa udoti, futhi kwama ukuhlinzekwa kwamanzi emphakathini.

Ngokusho kwemithombo eseduze nalo mnyango, uNgqongqoshe uButhelezi uthukuthele kakhulu, ngendlela uMasipala waseZululand ophatha ngayo izimali zawo.

“Akukho sizathu esizwakalayo sokuthi izisebenzi zingaholi. Imali yamaholo akuyona imali yokuthi kudlalwe ngayo. Sifuna incazelo ezwakalayo, futhi uma kukhona ukuphathwa budlabha kwezimali, kuzothathwa izinyathelo ezinqala,” kusho Buthelezi.

UButhelezi usethumele ithimba elikhethekile labacwaningi-mabhuku nabaphathi bezezimali ukuthi baye eZululand ngokushesha ukuyohlola umonakalo.

Inyunyana yabasebenzi i-SAMWU isemukele lesi sinyathelo sikaNgqongqoshe, yathi sekunesikhathi eside ikhala ngokuphathwa kabi kukaMasipala waseZululand.

Okwamanje abasebenzi kubikwa sebeqalile ukuhola kancane kancane ngemuva kwengcindezi kaCOGTA, kodwa uButhelezi uthe uphenyo luyoqhubeka kuze kutholakale umsuka wenkinga.