Uncategorised

IZIKO LETHWESE OLWEGWALALA NGEMISEBENZI YALO EMIHLE

UMuntomuhle Mcambi ongumphathi we-Iziko Art Company ehlonishwe ngendondo ngeqhaza layo kwezemibhalo.. IZITHOMBE:IZIKO ART COMPANY

PRO NDLOVU

Inkampani ekhiqiza izincwadi iphinde ikhulise nababhali Iziko Art Company iklonyeliswe ngendondo ebalulekile emcimbini omkhulu wemiklomelo yezincwadi, obizwa nge-The Book Behind Awards obewubanjelwe eMgungundlovu ngoMgqibelo. Lo mcimbi obewudle ngobukhazikhazi nengqephu futhi usezingeni eliphezulu bewenziwa okwesi-5 nonyaka.

Lo mcimbi bewuhlanganise ababhali abaphuma ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika futhi bezinhlanga ezahlukene. Kuthe sekuqediwe ngokuklonyeliswa kwababhali ngemibhalo yabo ngokwahlukana kweminxa, kwase kuthi ngasekugcineni abagqugquzeli balo mcimbi base behlonipha inkampane Iziko ngeqhaza layo kwezemibhalo nokuthuthukiswa kwababhali. Inkampane lena ihlonishwe ngendondo, isitifiketi, izipho nesheke lika-R5000 ngaphansi kwe-Best Literature Contributor.

UMnuz Mntomuhle Mcambi ongumphathi nomsunguli wale nkampane uzwakalise okukhulu ukujabula ethula inkulumo yakhe wabe esenxenxa abatshalizimali kanye neminyango eyahlukahlukene ukuthi iyixhase imcimbi efana nalena. “Ngifisa ukudlulisa ukubonga kubona bonke abahlale njalo beseseka emsebenzini yethu esiyenzayo. Ngigqugquzela intsha ukuthi isebenze ngokuzikhandla njalo. Kweminye imisebenzi yethu uke uthole ukuthi asizukhokhelwa kodwa siyenze ngothando. Yingakho nginxenxa kakhulu ukuthi niyixhase imsebenzi nemicimbi yezincwadi efuze lena,” kusho uMcambi.

Kuzokhumbuleka ukuthi Iziko Art Company lidume kakhulu ngokuvundulula amakhono kubabhali abasha, futhi abanye babo sebehambe baze bazuza nemiklomelo ngemibhalo yabo. Ngale kwalokho liphinde lihambele izindawo ezahlukene ezisemakhaya nasemalokishini lifundisa liphinde lithuthukisa lo mkhakha wezincwadi. Kanti kamuva nje le nkampane ngobuholi bukaMcambi baqhamuke nombukiso omkhulu wezincwadi obizwa nge-Iziko Art International Book Fair Festival obuseThekwini nonyaka.

“Lo msebenzi siwenza ngothando, akuzange kube lula futhi angeke kube kodwa noma kunjalo siyaqhubeka. Ngiyathobeka kakhulu nakulabo ababonile ukuthi kufanele sihlonishwe ngokusebenza kwethu kanzima,” kuphetha uMcambi.

Umsunguli walo mcimbi uNkz Nelly Shozana ubonge bonke ababhali nabathandi bezincwadi ababeyingxenye yalo mcimbi waphinde wabonga nabantu abawesekayo okubalwa kubo nabaxhasi abafana noMsunduzi Municipality, Ford, Writing Centric, Scubu Holdings kanye nabanye.