
UJACINTA UKHATHAZEKE NGEZINSONGO EZIBHEKISWE KUYE

UMHOLI we March and March uNkk Jacinta Ngobese Zuma ngesikhathi kuqhubeka imashi eThekwini ngoLwesithathu.ISITHOMBE: NEWS ZA
OWAMI THABETHE
UKHALELWE ngamasongo kasiGonyela owesilisa wase-Asia, osolwa ukuthi ngokusongele ukubulala umholi we-March and March, uJacinta MaNgobese Zuma, ngesikhathi elinde ukubhalisa e-Refugee Reception Centre kuMoore Road, eThekwini ngoLwesithathu mhla zingama-7 kuMfumfu.
Lo wesilisa, uboshwe ngamaphoyisa ngemuva kokuthi ezwe kuthiwa ukhuluma ngokubulala uJacinta, kulindeleke ukuthi abhekane namacala ahlobene nezinsongo zokubulala.UJacinta uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezinsongo ezibhekiswe kuye nakwabanye abaholi be March and March.
“Kuyakhathaza ukubona abantu bezizwa benelungelo lokusabisa nokusongela ukuphuca abanye umhlaba, kuze kufike ezingeni lokusongela ukubulala abaholi. Okunye okukhathazayo wukuzwa abanye abantu bakithi bethi bafuna ukudlwengula nokubulala abaholi be March and March kodwa angeke siphele amandla,” kusho uJacinta.
Bangaphezu kuka 100 abokufika abekade behleli ngaphandle kwalahhovisi belinde ukubhalisela ukukhuseliswa kuleli, ngemuva kwesinqumo seNkantolo kazwelonke eyalele uMnyango wezaseKhaya ukuthi abangaxoshwa abafuna ukukhuseliswa kuleli.
