Uncategorised

UMPHATHI WESIBHEDLELA SASEMADADENI UBIZWE IKOMIDI LEZEMPILO

EMADADENI Provincial Hospital lapho lo dokotela esebenzela khona enyukubeze iziguli ngokocansi kusukela ngonyaka odlule. ISTHOMBE: GOOGLE

PHUMELELE DLAMINI

IKOMIDI lezeMpilo eSishayamthetho KwaZulu-Natal, linqume ukuthi umphathi wesibhedlela Emadadeni Provincial Hospital avele phambi kwalo ngoLwesihlanu mhlaka ziyi-15 kuNhlaba kulonyaka.
Lesi sinqumo silandela izinsolo ezibhekene nodokotela oneminyaka engama-69, osebenza khona osolwa ngokunyukubeza iziguli ngokocansi kusukela ngoNcwaba wonyaka ka-2025 kuze kube uMbasa kulonyaka.

Udokotela lo usolwa ngokunyukubeza abane abaneminyaka ephakathi kwengama-25 kuya kwengama-35 futhi kusolwa ukuthi kungenzeka zikhona ezinye izisulu ezingakaphumeli obala. Amaphoyisa abhekele udlame emindenini, ukuvikela izingane kanye namacala ocansi, abopha lo msolwa ngeviki eledlule ngoLwesibili njengoba evela namuhla eNkantolo kaMantshi eMadadeni.

Usihlalo waleli komidi, uMnuz Imran Keeka uthi bafuna izimpendulo mayelana ngalolu daba, nokuthi kukhona yini ulwazi ebebenalo kodwa balushaya indiva, iziphi izinyathelo ezathathwa ukuvikela iziguli. “Sizokwenza isiqinisekiso sokuthi asikho isikhala esizosala uma kuqulwa leli cala enkantolo, nokuqulwa ngokwemithetho yasemsebenzini. Ukuphepha nesithunzi seziguli esikhungweni sethu kuyinto eseqhulwini,” kusho uKeeka.