
KUFE ABASOLWA ABATHATHU BEBHEKENE NAMAPHOYISA
MZWANDILE MHLONGO
KUFE abasolwa abathathu kwalimala oyedwa bedudulana ngezulu lezandla namaphoyisa, nonogada abazimele, eCato Manor ngoLwesithathu.
Lesi sigameko senzeke phakathi kuka-14:00 no-15:00 kuMary Thipe Street, eManor Gardens, eduze nomgwaqo uCato Manor Road noCorona Road.
Amathimba ahlukene ezokuphepha okuhlanganisa iMarshall Security Special Operations Team, iSAPS District Trio Tracing, iMetro Trio kanye neHomeland Security, bathole ulwazi ngabasolwa abebakha itulo lokuphanga ibhizinisi.
Amaphoyisa azamile ukubuvimba lobugebengu kodwa asindwa zinyawo. Laba basolwa kusolwa ukuthi baphange ibhizinisi kuBrickfield Road, e-Overport. Amaphoyisa abe esebona imoto abebehamba ngayo, aqala ukuyilandela njengoba ibihamba ngesivinini esiphezulu, eMayville.
Ngokwemibiko yamaphoyisa abasolwa badubule kuqala bebhekise ezimotweni zamaphoyisa, kwabe bazithintele njengoba nawo amaphoyisa ephendule ngayo inganono.
Abomthetho bakwazile ukuvimba imoto yabasolwa kuMary Thipe Street, lapho kuqale khona ukushuba kukhulunywa ngezibhamu kuphela.
Okhulumela i-ALS Paramedics, uGarrith Jamieson, uthe abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko, nabathe mabefika bathola abasolwa abane benamanxeba okudutshulwa, Abathathu bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko, oyedwa udluliselwe esibhedlela lapho aqashwe khona abakwasidlodlo.
Endaweni yesigameko kutholakale izibhamu nezinhlamvu, okusazoyiswa kohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azenzanga yini amacala.
Laba abathathu abashonile kukholakala ukuthi bebefunwa mayelana nochungechunge lwamacala okugebenga amabhizinisi ezindaweni ezahlukene eThekwini.
