Uncategorised

UNTULI UHALALISELE ABAHLOMULE KWAWAKWA-COGTA

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uhalalisele uMasipala waseMhlathuze ngokwenza kahle ezimalini, kulandela ukutholakala kwawo ungenagcobho.
Lokhu kuhalalisela omasipala esifundazweni sonke ngemisebezi encomekayo kwenziwe uNdunankulu ngesikhathi kunama-KZN COGTA Municipal Excellence Awards. UMhlathuze uqokwe njengobaqwaqwade bonke emakhanda njengoba kuyiwona othole izindondo eziningi okubalwa kuzo iBest Spatial Development Framework, Best Integrated Development Plan (IDP) 2024/2025, neBest Sustainable Project – EPWP.
Abanye omasipala okubalwa uMlalazi nabo bahlonishiwe kulandela imsebenzi yabo encomekayo ekuletheni izinsiza, kanti wona uMlalazi uhlomule ngendondo yeCleanest Town Award kanye neBest Managed Road Infrastructure Award. Omasipala abaningi, okuhlanganisa iZululand District kanye noMasipala waseNkandla, babongwe ngemizamo yabo yokuthuthukisa ukubusa nokulethwa kwezidingongqangi emphakathini. UNdunankulu uNtuli ube esencoma omasipala ngokusungula kwabo izinto ezintsha nokuzinikela ekulawuleni ngempumelelo.
“ Kubalulekile ukubambisana, ukubeka izinto obala nokuletha izinsiza ezisezingeni eliphezulu emiphakathini,” kusho uNtuli.Ube esegqugquzela bonke omasipala ukuthi baqhubeke nokulwela ukwenza kahle futhi banqobe izinselelo okubalwa kuzo izinhlekelele ezihambisana nokushintsha kwesimo sezulu ngokusebenzisana nohulumeni, abaholi bendabuko, osomabhizinisi kanye nemiphakathi.