KUVULWE ISIKHUNGO SEZOBUCHWEPHESHE EMPOPHOMENI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli exhawula abafundi base-Asibemunye High School.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, uMnuz Sitholizwe Mdlalose, uthishanhloko wesikole kanye nothisha bevula ngokusemthethweni isikhungo.

ABAFUNDI besebenzisa ama-laptop bebuka nobuxhakaxhaka bezobuchwepheshe obungaphakathi kulesikhungo. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
SIVULWE ngokusemthethweni namuhla isikhungo sobuchwepheshe (Computer Lab) esidle u-R1.4 million, e-Asibemunye High School, eMpophoneni ngaphansi kukaMasipala waseMngeni.
Lesi sikhungo sivulwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uMnuz Sitholizwe Mdlalose oyi-Managing Director kanye ne-CEO kwaVodacom noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka.
UNdunankulu uNtuli ubonge inkampani yomakhalekhukhwini uVodacom, okuyibona abanikelele lesi sikole ngesikhungo.
“Lendawo ayisona isikhungo nje kuphela kodwa iyisizinda esizolekelela nezinye izikole ezingomakhelwane zikwazi ukucobelela ulwazi. Lesi sikhungo sifike ngesikhathi esihle kakhulu ngesikhathi umhlaba wonke ungena ugxila kwezobuchwepheshe. Kubalulekile ukuthi izingane zibe nawo amakhono ikakhulukazi njengoba lesi sikole siphasa ngo-100% kwimiphumela kamatikuletsheni. Lesi sikole sinabafundi abangaphezulu kwe-100 futhi baphasa kahle kakhulu, ngijabule kakhulu ukuhlangana nabo, uthishanhloko kanye nothisha bonke,” kusho uNdunankulu uNtuli.
UMnuz Sitholizwe uthi lesi sikole singesinye esenza kahle kakhulu futhi okufanele batshale kusona.
“Siqoke izikole ezweni lonke esizotshala kuzona ezobuchwepheshe (ICT Lab). Sinabaxhumanisi abaqeqeshiwe ukuthi bafundiswa kanjani abafundi ezobuchwepheshe, besebenzisa izinsiza namathuluzi e-ICT, okungaba ukwakha amarobhothi kanye nokunye okuningi. Lena indlela uVodacom abuyisela ngayo emphakathini ngokutshala ezobuchwepheshe kubafundi. Siyazi ukuthi ezobuchwepheshe yizona ezidla ubhedu manje kusukela komakhalekhukhwini kuya ekukhuliseni umnotho njalo njalo,” kusho uMnuz Sitholizwe.
Uqhube wathi kulonyaka KwaZulu-Natal bahlele ukwakha izikhungo ezingama-30, njengoba ngonyaka odlule batshala imali engango-1 billion kwezobuchwepheshe nengqalasizinda.
