
UGENERAL MKHWANAZI UVUNE ABEBEMASHA

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi, inkulumo yakhe ivune abahlali baseNingizimu Afrika. ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA
OWAMI THABETHE
IVUNE izakhamuzi zaseNingizimu Afrika inkulumo kaKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi beyohlola umonakalo ngemuva kwezidubedube zamamashi kumadolobha akuleli.
UGeneral Mkhwanazi uthe abantu baseNingizimu Afrika basukeliwe, bebengeke bahlale bathule bebona izwe labo limuka phambi kwamehlo abo, kwaphinde kwahlaselwa omunye wabo.”Kuze kube nje abantu bakuleli bachukuluziwe, bebemasha ngokuthula, kodwa uma abokufika bethinta oyedwa wabo bengeke kuhlale kungenzeki lokhu”, kusho uMkhwanazi.Uphinde waveza ukuthi abokufika ababoshiwe, ngesikhathi behlasela oyedwa wababhikishi bakuleli, bavelile eNkantolo ngoLwesihlanu mhla zingama-9 kuMfumfu ngamacala okuhlasela nokuzama ukubulala.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGeneral Mkhwanazi wazakhela igama ngokudedela amabhomu ayizigaxa nabaholi, bakwenza kwisithangami sabezindaba mhla ziyi-5 kuNtulikazi ngonyaka owedlule, okwaholela ekutheni ekusungulwe iMadlanga Khomishini.
