KUCHITHEKE IGULA EBELINEZAQHEQHE ZEKHETHELO NGE-NKOSI YAMAGCOKAMA

US’CEBI Dlamini obefihlwa njenge qhawe ngoMgqibelo.

USxavathi Sey’intombi owaziwa Simphiwe Nxumalo, obeyiMenenja yeNkosi Yamagcokama.

AMACIKO evalelisa kwiNkosi Yamagcokama.

AMAGIDANGOMA eNkosi Yamagcokama .

ABALANDELI beNkosi Yamagcokama IZITHOMBE: UMUSA MEDIA
AKHONA DLAMINI
UBUNGAFUNGA ukuthi kufihlwa inkosi yoselwa, ngesikhathi kufihlwa iNkosi Yamagcokama, abantu bebengangoZulu eya eMakheni, enkundleni yezemidlalo eMzisho, eMsinga, ngoMgqibelo.
UScebi Dlamini ushone engozini yemoto, eyodlala ehamba negidangoma lakhe, eyodlala eBasadi Women Festival, eRichards Bay. Okufike kwahlaluka ngesikhathi kufihlwa leli qhawe uScebi Dlamini, ukuthi isililo besisodwa, sokuthi kuchitheke igula ebelinezaqheqhe zekhethelo,Eminyakeni yakhe eyi-29, ubenamagalelo amahle endimeni, njengoba bemchaze njengomuntu obenenhlonipho, enothando, engande ngamlomo kodwa ehlezi ezihlekela.
USimphiwe ‘Sxavathi Seyntombi’ Nxumalo obeyiMenenja yakhe uS’cebi uthe ulahlekelwe umngani, hhayi umuntu abesebenzisana naye kuphela, nakuba kunjalo inqola izoqhubeka iye phambili.
“Ziningi izinto ebesizenza naye uS’cebi bengingagcini ngokuba iMenenja yakhe kuphela. Ngingasho ukuthi yimi umuntu obechitha isikhathi esiningi naye. Ngilahlekelwe umngani lapha, noma besibuye sixabane nje singcofane ngizokukhumbula konke lokho. Lala uphumule qhawe lakithi,” kusho uSxavathi Sentombi ohlulekile ukubamba inyembezi.
