Uncategorised

UQALE IBHIZINISI LEZINDLU ZANGASESE UL’VOVO DERRANGO

UL’VOVO Derrango osungule ibhizinisi lokubolekisa ngezindlu zangasese ezingomahamba nendlwana.

IZINDLU zangasese zikaL’vovo aqashisa ngazo. IZITHOMBE: FACEBOOK NOMCEBO NGEMA

USUNGULE ibhizinisi lokuqashisa ngezindlu zangasese umculi weKwaito, uThokozani Ndlovu, owaziwa kakhulu ngelikaL’vovo Derrango. Leli bhizinisi uliqale ngemuva kokuthola iminikelo kubalandeli njengoba wahlaselwa isifo sohlangothi ngonyaka ka-2022.

Inkulumo kaL’vovo yathinta abantu abaningi ngenyanga eyedlule, ngesikhathi egonyuluka ngempilo yakhe ekhuluma nomsakazi weGagasi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya. UL’vovo wanikelelwa imali elinganiselwa ku-R280 000.

“Enye yale mali ingisizile ekuqhubekeni nokwelashwa kwami, okuhlanganisa ukuvakashela ochwepheshe bezempilo nama -physiotherapist. Sengiqale ibhizinisi lokubolekisa ngezindlu zangasese ezingomahamba nendlwana. Ngisebenzise ukwesekwa engikutholile njengendlela yokuzakhela ikusasa futhi ngihlela nokusungula iprojekthi egxile empilweni yengqondo,” kuphetha uL’vovo.