
IMENENJA YABAQULUSI IYIPHETHE NGEGIYA ELIPHEZULU INYANGA YABESIFAZANE

ABESIFAZANE abebehambele lo mcimbi.

IZIPHO ebezinikwa abesifazane. IZITHOMBE: ABAQULUSI LOCAL MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
IMENENJA kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini, uvale inyanga yabesifazane ngegiya eliphezulu, ngesikhathi eyisikhulumi esiqavile emcimbini obuhlelwe yinhlangano engenzi nzuzo yabesifazane, eyaziwa ngokuthi iNgqothovu zaseShoba.
Lo mcimbi obuseShoba Community Hall, lapho bekugxilwe khona ekukhuthazeni nasekuthuthukiseni abantu besifazane emphakathini. Ngaphandle kokuba yisikhulumi kulo mcimbi uNkk Dlamini, uphinde wanikezela ngezinsiza kule nhlangano, okubalwa imishini yokuthunga eyi-4 eyayicelwe yiziNgqothovu zaseShoba namaphasela okudla.
UDlamini ukhuthaze abantu besifazane ukuthi bazimisele bafunde ukuzimela ngokusebenzisa amakhono nezandla zabo, ukuze bazithuthukise nemindeni yabo.
“ Kubalulekile ukuthi abantu besifazane basebenzise amathuba namakhono abanawo, ukuze bakwazi ukubamba iqhaza ekuthuthukiseni imizi nemiphakathi abaphila kuyo,” kusho uNkk Dlamini.
